Ngicela incazelo yalesaga esithi “Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze”?
admin Selected answer as best July 6, 2021
UBHEJANE – Lapha kukhulunywa ngesilwane sasendle esinophondo ekhaleni. Sinamandla kakhulu lesilwane kanti futhi masikugquzule ngomubombo waso ungatholakala uthuli.
ISIHLAHLA – Lapha kukhulunywa ngesitshalo esimila nona kuphi esinesiqu namagatsha. Ziyashiyane izihlahla kukhona ezinde nezimfushane eziqinile nezithambile.
Ubhejane sakhiwe ngendlela yokuthi asikwazi ukugibela esihlahleni ngaleyondlela ke ngisho ngabe ubusugejene nawo mangabe kunesihlahla eduza uyakhona ukuphepha kuwona ngokuvele ugibele esihlahleni.
Sisho ukuthini ke lesaga empilweni?
Ungabosukela abantu noma ususe udweshu kanti alukho usizo eduzane, kugweme ukususa uthuthuva ungena kubaleka.
admin Selected answer as best July 6, 2021