Umuntu uma ethi “ungihlinzela ezibini”, usuke eqondeni?
Ukuhlinzela umuntu ezibini ukumenzela phansi, ukumhlambalaza ungcolise igama lakhe, wenze abantu bemazi noma bembheke kabi njengomuntu omubi, ukumcekela phansi nje.
Sisuselwa kuphi lesi sisho? – Wangihlinzela ezibini “okwengcuba”
Lesi sisho sisuselwe lapha kwi-ngcuba inkomo ezifele. Phela endulo kwakukhonjwa ngophakathi ngakhoke yayingalokothwa nje inyama ingcuba. Kepha kwakwenzeka ukuthi umnumzane uma ethande isikhumba senkomo yakhe le esanda kuzifela ebese ecela kubafana ukuba bamhlinzele isikhumba bese belahla ke ingcuba. Njengoba inyama yengcuba yayingadliwa ke abafana babehlinza nje benganaki ngoba babenganandaba naleyonyama ukuthi iwela phansi ezibini iyangcola noma yenzekani. Bona nje babezifunela isikhumba lesi abathunywe sona kuphela. Ngamanye amazwi ingcuba into nje ehlinzelwa noma ikuphi ungayihlinzela phansi ezibini ingcole kungabi ndaba zalutho ngoba vele into engenamsebenzi nje, yilapho ke okwasunguleka khona lesi sisho.