Ngicela ukwazi ukuthi kusho ukuthini ukuthi “Unya lwabasha luyaphindana olwezalukazi luphindana ngogwayi”?
Themba Answered question April 21, 2021
Lesi saga siphathelene nempindiselo. “Wangenza okubi nami ngiyokwenza uyoze nawe ufike ngakithi uzoqomisa unyawo alunampumulo”. Lawo ngamazwi ashiwo umuntu osemusha. Kanti nakuzo izalukazi ziyaphindisela kwezinye.
Ake ngenze isibonelo: “UMasibanibani wangincisha ugwayi wokuntongela ngiqalekile wathi akanalutho esho ekhipha igobhozi ledosha elingenalutho engibonisa lona kade eqeda ukuntongela phambi kwami ngimubhekile Idosha ligcwele mfi naye uyoze awuswele nami ngeke ngimnike uyobona amehlo esibungu”. Lawo ngamazwi esalukazi sisho kwesinye.
Lokhu kusho ukuthi ubuhlungu ongizwise bona ngiyobubuyisa ngalendlela obenze ngayo ngenye imini.
Menzi Answered question April 21, 2021