Kuqala izwe lisabusa bekuthi labobantu abangafuyile,noma abangenamncele wokulima bebebolekwa amasimu ukuthi bawalime. Kanjalo futhi basiselwe nemfuyo njengezimbuzi,izinkomo nokunye. Inkomo uma izala njalo ngonyaka unikwa ithole,kanjalo futhi embuzini uthole izinyane. Sekuyothi emva kwesikhathi esithile zonke lezimpahla seziyalandwa ke wena obusiselwe usale nalezi obukhokhelwa ngazo ukubheka lezi ebezisisiwe. Kafushane nje ukusisa ukukufuyisa ukuze izingane zingabulawa yindlala.
ukusisa ukubeka imfuyo noma izinkomo komunye umuzi bakubhekele khona ngenhloso ethize…..
“Azibuye emasisweni” lapha kusuke kushiwo ukuthi azibuyele kumnikazi wazo. Okungukuthi izinto azibuyele ngononina, okwakaZulu kubuyele okwaSintu kubuyele esintwini, amasiso angena ngokbuyisela into lana okungeyakhona khona.