Indikimba ilokhu okusuke kukhulunywa ngakho emdlalweni oyinkondlo noma oyi ndaba. indikimba isho ukuthi inkondlo imayelana nani, isibonelo sendikimba, inkondlo ekhuluma ngokubuhlungu bokuthanda umuntu.
Indikimba umlayezo umbhali afisa ukuwudlulisa noma isifundo afuna ukuthi umfundi asifunde. Indikimba ivezwa ngokwezinto ezikubalingiswa uma bebhekene nezingqinamba futhi bexazulula izinxushunxushu ekuphumeleliseni iphupho labo. Ngathathwa njengesisekela nenhloso yenoveli.
Umqondo owumgogodla futhi ohlanganisa indaba. Futhi okumele umelane nayo yonke imniningwane emqoka yendaba. Kumele iphathelane nemininingwane yendaba ngqo, hhayi ukucatshangelwa okuthathwe kokufundiwe empilweni.
Kafushane nje, kuwumqondo owumgogodla owenza ukuthi umbhali azwakalise insika yesihloko sendaba.
Indikimba umongo wenkondlo/wendaba noma ilokhu okusuke kushiwo inkondlo/indaba kuhambisane nengqikith.
isibonelo : Uma singabheka inoveli ethi “Bengithi lizokuna” efundwe izingane ezazenza umatikuletsheni ngo2015; ikhuluma ngobunkonkoni, ikhuluma ngethemba lempilo engcono kanti futhi singathi ikhuluma ngothando. Iyona ke indikimba yaleyo noveli.