Ngicela ukuchazeleka kabanzi ngosiko lokucimela?
Ngiyabonga
KwaZulu intombi ngaphambi kokuba iyosina iyacimela. Ukucimela yisiko lokuvalelisa ekhaya nasezihlotsheni. Isiko lokuvalelisa intombazane ngaphambi kokuba iyogana. Umuntu oyogana uyihamba yonke imizi yawoyise ngokuhlobana kwabo, kodwa eqinisweni usuke evalelisa kogogo nomkhulu abangasekho. Kuyo yonke le mizi kuyabikwa emsamo ngempepho kunxuswe kwabadala ukuba bahambe naye lomntwana oyogana. Kuyo yonke le mizi ubuya nenyongo efuthiwe, isifuba nomkhono uma ehlatshiswe imbuzi.
Ukuganisa intombazane akuwona umsebenzi kayise yedwa kodwa kungumsebenzi wakhe kanye nabafowabo. Yingakho umuntu ecimela kuyo yonke imizi yakwabo afike ahlatshiswe, afakwe isiphandla, agcotshwe ngenyongo ukuze abaphansi bamkhothe, bamqinisele uhambo lasemendweni. Kuyo yonke le mizi uyahlatshiswa alale, avuke, abuyele ekhaya, aphinde ahambe njalonjalo. Izinyongo ziyafuthwa ahambe nazo kanye nenyama eyisipho abuyela nayo kwabo. Izinyongo uyozichoma esicholweni mhla esina. Lezi zinyongo zemindeni azifake esicholweni ziwuphawu lokuhlanganyela kwayo le mindeni futhi kunika isiqinisekiso sokuthi abaphansi bacelwa ukuba bahambe naye lomntwana.
Ukucimela kuyisiko lamaZulu asagcina isizulu. Umntwana uqala koninalume ukucimela. Kufanele kucace ukuthi uqala kumalume wakhe ngoba nguyena umuntu ongumaqondana. Ngisho noma besaphila ogogo nomkhulu kodwa uyoqonda ngqo kuninalume wakhe. Uthike angadlula kwamalume, usengayake emzini wawoyise emzini yomndeni wonke. Kuyo yonke le mizi uhamba ehlatshiswa izimbuzi noma izinkomo. Isitho esisemqoka YINYONGO yalezo zilwane abikwa ngazo kwabalele. Inyongo nenyama iyoba uphawu amukeleka ngalo emzini yawoyise. Umcimelo wenziwa nasezihlotsheni.
Akubona bonke abantu abahlaba izimbuzi kodwa abanye bakhipha izipho, amacansi, izicephu, izinkamba, izichumo, izipontshi nanoma yini enhle abangamthokozisa ngayo umntwana bethi “inkonzo enhle” besho ukuthi useyobakhonzela emzini. Uma intombazane iyogana isuke iyomela umndeni wakubo kulo mndeni omusha. Uma yenze kahle buba buhle ubuhlobo kodwa uma yenze kabi bubabubi nobuhlobo ebesebuqalekile.
Njengoba umntwana ehamba ecimela belu, engena imizi ngemizi akasahambi yedwa usehamba nempelesi yakhe. Uhamba nayo ngoba yiyo ezokhuluma, yena akasakhulumi. Kwesatshwa umoya nokwedlula. Impelesi iyonake esizomsiza kulokhu kukhuluma kokuvalelisa….