Sanibona ngifiza ukwazi ukuthi yini ukuphehla uzwathi?
Kusho ukubasa umlilo
Ukuphehla uzwathi kwakungumsebenzi wabesilisa, ikakhulukazi abafana, abesifazane kwakuqabukela beluphehla. Kwakukhethwa imithi eqinile, yona kanye lena eyenza amalahle okupheka insimbi. Kwakuba yisiqathongo, nesihlakothi kanye neminye imithi eqinile. Le mithi iyabazwa kuhle kwamapulangwe, sekuzothi phakathi nendawo lolu luthu lubholwe imbobo ezobholwa ibhaxa lokuphehla. Usezoqalake umfana aphehle luze lushise ukhuni bese kuqathaka izinhlansi ezisamalahle. Kuyaye kubekwe izibi noma idaka lapha ngaphansi ukuze izinhlansi zizoqathakela kulo bese lokhela. Usuzovuthake umlilo. Ukuphehla uzwathi kwakwenziwa ungakabibikho umetshiso nogesi…
Isihlakothi – simila ehlanzeni sibe sifushane sibe namaqabunga amancane acijile, lesi sihlahla siyabaswa. Abanye bayazidla izinhlamvana ezijika zibe bomvu ezithelwa yisihlakothi. Lo muthi ungeminye wemithi yokuphehla uzwathi lomlilo.