Ukusoma noma ngithi umkhuba wokusoma yindlela yokwenza ucansi lapho insizwa yenza ucansi iphelele emathangeni entombi, ingayithinti nje nhlobo inkomo. Insizwa yayenza ucansi emathangeni entombi ize ifike kuvuthondaba ichamele khona emathangeni ize iqede. Inhloso yokusoma kwakungukuvikela ubuntombi kanye nokukhulelwa kwentombi ingakafiki emshadweni. Ngeshwa nje esikhathini samanje akusenzeki noma awusavamile lomkhuba. Ukusoma kwenziwa intombi esiqomile esinelawu engakashadi, iwenza lomkhuba ngokuzama ukunelisa isoka layo ngaphambi komshado. Ukusoma kwakwenziwa yinsizwa eqotho futhi enezinhlelo zokuganwa yileyo ntombi, hhayi noma iyiphi nje insizwa. Bekuke kwenzeke ukuthi uthi uyasoma bese uma usufika kuvuthondaba isidoda singalawuleki kahle sikapakele phakathi esibayeni somnumzane, bese iyakhulelwa intombi nto. Bekuyaye kuphoqe ukuba insizwa ihlanganise ngokushesha iyilobole iqede ziwushaye iyithathe leyontombi ukuze izozalela emzini.
Kuhambe kwahamba zagcina izinsizwa sezisebenzisa lomkhuba/lelisikompilo ukulutha izintombi nto ukuze belale nazo. Insizwa ibithembisa ukusoma ebese igcina ngokudlova ubhoko ludle phakathi esibayeni somnumzana. Yilapho ke owaqala khona ukushabalala lomkhuba wokusoma.