UKUVUSA – Lapha kukhulunywa ngokuphaphamisa ebuthongweni okade elele okanye ukuphakamisa into ebiphansi uyimise.
UMHLWENGA – Lapha kukhulunywa ngendawo etholakala emqaleni imvamisa ezilwaneni ezinoboya.
Angikucacise lokhu ukuthi Umhlwenga akubona uboya kepha ubona ngabo uboya imvamisa la kunomhlwenga khona. Ingulube ayinabo uboya kepha nayo iyawuvusa umhlwenga futhi ubonakala bukhoma ngenyama.
Uvuswa makwenzenjani ke umhlwenga?
Imvamisa umangabe izilwane eziningi sezihluthukile ziyake zivuse umhlwenga sakuxwayisa umphehli wodweshu ukuthi khona okusina kumjeqeza ke manje.
Sisho ukuthini ke lesisho?
Ukucasuka okungaholela empini
Anonymous Answered question July 1, 2021