Umemulo
Isigaba empilweni yentombazane
Kunezigaba zemicimbi empilweni yentombazane. Uma intombazane isifike esikhathini sayo sobudala sokuthomba yenzelwa umhlonyane. Uma intombazane isikhulile ngokwanele iziphathe kahle isisesigabeni sokuthi ingaganwa. yenzelwa umemulo.
Umemulo yilapho abazali besuke bebonga khona intombazane ukuthi iziphathe kahle yaze yafika esigabeni sobudala. Kodwa-ke akubongwa nje kuphela intombazane leyo eziphathe kahle, kubongwa futhi namaqhikiza ayikhulisile, kubongwe nabo abazali abayikhulisile ikakhulukazi unina, futhi kubongwe namadlozi noMvelinqangi ngokuvikela intombazane ngokufika kuleso sigaba esuke isifike kusona.
Amalungiselelo omemulo
Amalungiselelo omcimbi womemulo aqala ngokuphekwa kotshwala ekuqaleni kwesonto ngoMsombuluko. Ngalesosikhathu namantombazane asuke eqala ezilungiselela ngokucula nokusina. Umuntu wesilisa akangeni lapho kukhona khona amantombazane ngoba izinto ezishiwo khona azimdingi.
Ukulandwa komkhonto
Enye ingxenye enkulu emcimbini womemulo yilapho intombazane kufanele ilande khona umkhonto. Kuyahlukahluka ngezimo ukuthi intombazane iwulanda kuphi umkhonto. Uma intombazane isiqomile futhi kunezinkomba zokuthi loyo emqomile uzoyithatha abe ngumkhwenyana, ngoLwesine amantonbazane ayahamba ayolanda umkhonto kubo kwaleyo nsizwa. Uma intombazane ingaqomile, umkhonto iwulanda komalume wayo.
Lapho izintombi zifika kwamkhwenyana noma komalume, zingena kungazelelwe zingatshelanga muntu, zithathe noma yini yakhona ezizogweva nayo kwenzelwa ukuthi zigcine zithole umkhonto. Uma seziwutholile umkhonto, zibe seziphindela nawo emuva zihamba zihuba futhi zisina.
Umcimbi womemulo
NgoLwesihlanu noma ngeSabatha ntambama kuhlatshwa inkomo eqondene nomcimbi lowo womemulo. Uma emzini owodwa kwenzelwa kanyekanye, ngesikhathi esisodwa, umcimbi wokwemula wamantombazane amabili, nalapho futhi kubulawa yona inkomo eyodwa, hhayi ezimbili.
Intombazane ayikwazi ukwenzelwa umemulo kube kukhona endala kunayo engakaze yenzelwe umemulo. Uma leyo ntombazane endala seyadlula emhlabeni, umndeni uyaxolisa ngembuzi kucelwe ukuthi ingabi nolaka, idedele umsebenzi uhambe kahle. Lembuzi ihlatshwa ngoLwesihlanu kanye nayo inkomo yomsebenzi. Izintombi zibe sezithatha inyama yomkhonto ziyifake ezintini, yonake idliwa izalukazi kuphela.
Ekuseni amantombazane avuka aye emfuleni ayogeza ngamanzi abandayo kubuywe bese intombazane eyemulayo ifakwe inyongo iphinde inikwe nomhlwehlwe wenkomo ezowembatha uma isisina icece elisinwa esigcawini esikhethwe ngubaba wekhaya kumbe noma esikhethwe ngomunye umuntu omdala emndenini.
Amantombazane asuke evunulile efake izigege. Ngesabatha ntambama kuba nomhlalo emnyango ubusuku bonke kuze kuse.
Omunye umcimbi empilweni yentombazane wumhlonyane.
Umemulo ucishe ufane nomhlonyana, kodwa wona unjengokugubha iminyaka eyamashumi amabili nanye. Uyindlela yokuthi abazali babonge indodakazi yabo ngokuthi iziphathe kahle yaze yafika kuleminyaka futhi ukuyikhulisa. Umemulo uwenzelwa ingane yentombazane esifikile kuminyaka engamashumi amabili nanye, engazele. Kwesinye isikhathi uthola ukuthi intombazane iyaba nomemulo ngisho izele, abanye kwenziwa ukuthi kufika isikhathi sokuba igane bese kudingeka lomsebenzi wokukhuliswa, abazali bayathatha kulezinkomo zelobolo inkomo eyodwa bamulise ngayo indodakazi yabo. Kanti kwabanye bayagula, babhekane nezinkinga bese kudingeka umemulo. Umemulo phela uyisiko umcimbi obalulekile wokukhulisa ingane yentombazane.
Indlela owenziwa ngayo umemulo isondelene nendlela okwenziwa ngayo umhlonyane kodwa umehluko omkhulu ukuthi, kumemulo ingane imuliswa ngenkomo kanti kumhlonyane kusetshenziswa imbuzi. Kodwa kuyenzeka ukuthi intombazane yenzelwe umemulo kanti ayizange yenzelwe umhlonyane, kudingeka ukuthi kuqalwe ngembuzi ngaphambi kokuba kuhlatshwe inkomo futhi umemulo wenzelwa umuntu osefikile kuminya angamashumi amabili nanye noma umuntu oseyogana. Ngesikhathi kulungiselelwa umemulo, izintokazi zihamba umuzi nomuzi komakhelwane zenikwe izipho. Intokazi emuliswayo ibekwa umhlwehlwe emahlombe. Umemulo uyaba futhi indlela yokuthi ingane yentombazane isikhulile, isifanelwe ukugana nokuthi izinsizwa zibone intombi esikhulile efanelwe ukuba umakoti.
Ngokwami, umemulo ubaluleke kahulu ukuthi abazali bakhombise ukubonga kwindodakazi yabo ngokuziphatha kahle. Indlela yokukhulisa ingane nokuyilungiselela ukugana njengoba ithola nokufundiseka ngokugana, iyalwe omama asebekhulile. Mina ngingawuthokozela umemulo kunomgubho weminyaka engamashumi amabili nanye, uyafundisana ngesintu, amasiko nokuziphathe njengo muntu wesifazane
Umemulo wentombe eyenzelwa nguyise wenziwa ngabulili buni benkomo?