Bengifisa ukwazi ukuthi ngabe yini umkhehlo?
Lomcimbi wenziwa ngaphambi nje kodwendwe, wenzelwa kwamakoti. Intombazane ingakhehlwa uyise uma esebona ukuthi isilungele ukuyogana. Abaningi abakwazi lokhu ngoba sekwaduma ukuthi intombi ikhehlwa umyeni wayo. Kuqala yayingekho intombi egugela ekhaya ngakhoke uyise wayeyikhehla ngisho kungakamemezi muntu lapha ekhaya. Umlobokazi akagoyi endlini uma kuzoba nomkhehlo kodwa uyahlonipha ecabeke emahlombe.
Uma intombazane ikhehlwa uyise, inkomo yomkhehlo isuke kungengelapha ekhaya ,kanti uma ekhehlwa umyeni way, ilethwa yibo abakwamkhenyana. Uma ekhehlwa umyeni wakhe umhlwehlwe akangeni nawo ekhaya usala ngaphandle ngoba phela kusuke kungeyona inkoma ephume kwezikayise.
Okunyeke okwenza ukuthi umkhehlo ushabalale ukuthi sewenziwa ngasuku lunye nomemulo, kuthiwe kongiwa imali, kanti lokho kuyalibulala lolusiko oluhle kangaka. Nawoke umkhehlo wehluka ngezigodi, kwezinye umkhehlo uphuma uye esigcawini futhi labake yibo abakhehla ngenkomo. Kwezinye njalo bona bakhehla ngembuzi umakoti kawembathiswa umhlwehlwe, futhi umcimbi wonke wenzelwa endlini akuphunywelwa ngisho egcekeni. Engingakuphawula ngalo wase ndlini wukuthi, akukho ukusina kwezintombi umakoti uhlala phansi nabamkhaphile, kube izinsizwa zakwamkhwenyana eziphethe wonke umcimbi.
Umkhehlo unemithetho yakhona okuyiyo futhi echaza kabanzi ukuthi wenzelwa kusiphi isigodi. Uma umkhehlo wenzelwa endlini kuqala ngokuthi kumbeswe umakoti , embeswa yibonjalo abasemzini. Emva kwalokho kushaywa indishi. Ukushaywa kwendishi kusho umdlalo wemali owenzelwa ukuthi umakoti abenemali eyanele ukuzilungiselela udwendwe lakhe. Awuveli uyifake endishini nje lemali kumele usho okuthile ukuze olandelayo afake ethe xaxa. Emvakwalokho izinsizwa zihlala phansi zivume ingoma zikhishelwe utshwala nokudla.
Uma kukhehlwa ngenkomo umkhehlo uyaphuma uye esigcawini nomlobokazi ambeswe umhlwehlwe. Umkhehlo uwumcimbi wokuvalelisa kumlobokazi njengoba esuke esezoyogana. Phela ngosuku lodwendwe asibibikho isikhathi esibekelwe izipho, ngakhoke lolosuku yilo olwenzelwe zonke izipho. Isimo salomcimbi sicishe sifane nomemulo, yingakho abaningi bangasawulandeli. Abakubo kamkhwenyana yibona abaqala ngokuthi bembese umakoti , uma kuwukuthi uyabhinca bambhincise isidwaba nenhloko. Umlobokazi lo uqala ukuchonya imali nguyise esesendlini bese ephathiswa umkhonto, bese kuyiwa esigcawini.
Izintombi zihuba amahubo alungele udwendwe nakhuluma ngaye umkhwenyana “wesibali walobola ngani ungena nkoma walobola ngani?”nelithi “umumendo usungehlule we!!! Ngiyobuyel’ekhaya we’ntandane zoma” umisi’dwaba singehlula ngobuyel’ekhaya wentandane zoma” Zima umuqga owodwa, zonke zibhince izidwaba ukusingatha umlobokazi. Izintombi ziyashintshana ngokuya ezihlotsheni eziyizibukeli zihambisa umkhonto. Zona-ke izihlobo zilethe izipho noma imali noma izingubo zokulala namacansi. Uma sekuzoza abakwamkhwenyana kukhishwa yonke imali ebese ifakiwe ukuze eyabakhwenyana izocaca yodwa. Umcimbi uvalwa ngokuthi izintombi zishaye ingoma ngayinye ngayinye.
Umkhehlo yilapho umkhwenyana esefika kubo kwengoduso yakhe ayimbathise izinto afisa ukuthi izembathe uma isingumakoti ophelele kubo..uye ayihlabise nenkomo bese kuyanikelwa ngezipho kuyo ingoduso….